UBUHANJELWE NGABACULI UMNGCWABO KAMTHEMBU

ABAZUKULU bakaMthembu bethula inkilumo. ISITHOMBE:UMUSA MEDIA
UMBIKO: BUSISIWE ZONDI
BEKUNGAMA qiniso odwa enkonzweni yomngcwabo kaMnu Dayisa Remember Mthembu, obungeledlule, ebihanjwelwe abaculi.
Kulo mngcwabo abaculi abadumile abadumile okubalwa uThulani Ga Ndlela, uSgwili Zuma, uZulu Pavarotti, u-Andile Mbili, uNqobile Mbandlwa neThe Anointed .
Zonke izikhulumi bezingancethezi kodwa zisho abeyikho uMvelase.
Izikhulumi bezikucacisa ukuthi yize ebengumuntu onothando, kodwa belungafakwa, engayihleki engahlekisi. U-Wonderboy obekhulumela abazukulu uthe umalume wakhe ubengenye indoda ehlukile. Ubengumuntu wamaqiniso, enolaka kodwa eshesha ukuxola. “Umalume ebewuthanda umndeni omkhulu ebathanda nabantu. Yey uma ediniwe ebephumela phandle egcekeni asho akushoyo kuswabe wonke umuntu . Ukudinwa kwakhe kungangothando lwakhe analo”, kusho yena.
UMthembu udlule emhlabeni emuva kokugula okumubambe isikhathi.
