Uncategorised

AMA-HAWKS ASHAQE UMSHINI WOKWAKHA UGOLOGO OWUMBOMBAYI ETHEKWINI

YIWO umshini lo ovubela ugologo i-1818 otholwe amaphoyisa.

EMINYE yemishini etholakale endaweni yesigameko.

NOMCEBO NGEMA

UPHIKO lwamaphoyisa lwama-Hawks seluthole isidleke esikhulu esikhiqiza ugologo owumbombayi i-1818 eHowick, KwaZulu-Natal.
Ama-Hawks ebesebenzisa ezobunhloli athola umkhondo ngekhontena esolisayo eThekwini, enamabhodlela namalebula e-Smirnoff 1818 awumgunyathi.
Ngesikhathi amaphoyisa etheleka kulendawo afike azithela kwisithabathaba sendawo ekhiqiza ugologo iSmirnoff 1818, nolunye uhlobo lotshwala.
Kule ndawo kutholakale amalebuli, imishini yokuvubela kanye nemishini yokufaka amalebuli.
Okwamanje akukaboshwa muntu kodwa amaphoyisa ayaqhubeka alandela umkhondo wokuthi ngabe ubani okanye obani laba abasebenzisa le ndawo.