U-MOGOTSI UCHITHA UBUFAKAZI BUKA-MKHWANAZI

UBROWN Mogotsi ethula ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga. ISITHOMBE: Facebook
NOMCEBO NGEMA
BUMANGAZE abaningi ubufakazi obuthulwe uBrown Mogotsi kwiKhomishana kaMadlanga izolo, njengoba ebale uMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi kanye neSilo uMisuzulu kaZwelithini, njengabaqashwe iCentral Intelligence. Agency (CIA).
UMogotsi uthi ayikho yonke lento eyayishiwo uLt General Mkhwanazi kwisithangami sabezindaba ngoNtulikazi,.
“Akukho big-5 leyo ayeyisho. UMkhwanazi wayenyanyiswe ukuboshwa kuka-General Khumalo. Kwasitatimende ayesifunda kwisithangami sasingabhalwanga nguye, sasibhalwe ePitoli, kodwa ngatshelwa umthombo ukuthi uMkhwanazi kanye neSilo uMisuzulu baqashwe iCentral Intelligence. Agency (CIA),” kusho uMogotsi.
UMogotsi uphinde watshela ikhomishana ukuthi waxhumana noGeneral Shadrack Sibiya ngoNcwaba ngonyaka odlule ehhovisi lakhe, ukuveza ukukhathazeka ngezindaba ezimbili ezibucayi. Eyokuqala yayithinta ukunikezwa kukasomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala ithenda ye-SAPS Health Risk engu-R360 million .
Uthi udaba lwesibili lwaluhlobene nokungezwani okubikiwe nezinkinga ngaphakathi kwi-Crime Intelligence, ikakhulukazi okubandakanya u-CFO wale unit okunguPhilani Lushaba.
“USibiya ekuqaleni wayebonakala engangithembi kodwa noma kunjalo ngamtshela uMkhwanazi ngalokho,” kuqhuba uMogotsi.
Uphinde waveza ukuthi uCat Matlala wamfonela esejele ngoNtulikazi ngemuva kokuthi uLt General Mkhwanazi esanda kubamba isithangami sabezindaba, wathi wake waya kuGeneral Mkhwanazi eThekwini efuna amsize.
Uthi uMatlala wambikela ukuthi wanikeza imali uLt General Mkhwanazi ukuze amsize ngamacala akhe.
“Ngamangala nje uma uMkhwanazi esekhuluma ngaye kanje,” esho.
