Uncategorised

I-INKKASI XPERIENCE IZA NGEGIYA ELIPHEZULU

UPHILANI Ngwenya owaziwa ngoSplash ongumsunguli WE-INKKASI XPERIENCE.

U-ANELISA Ngwenya okhulumela iKaslami Events okuyinkampani ehlela I-INKKASI XPERIENCE.

PRO NDLOVU

KUYODELA umakhasana amaciko adumile eshiyelana inkundla nalawo asafufusa emcimbini omkhulu we-INKKASI XPERIENCE ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu , Mhla ziyi-15 kuZibandlela.
Okhulumela iKaslami Events uNkz Anelisa Ngwenya okuyiyona nkampani ehlela le ndumezulu yomcimbi, uthi konke sekumi ngomumo ngisho uzamcolo ngeke usakwazi ukubavimba.
“Kuyinhloso yethu enkulu ukuhlanganisa amaciko adumile kanye nasafufusa ngoba sifuna ukuthuthukisa ithalente, siphinde sikhuphule nomnotho waselokishini, ingakho kuzobe kukhona namabhizinisi endawo edayisa ukudla.” Kusho u- Anelisa Ngwenya.
UPhilani Ngwenya uthembise ukuthi bazohlala njalo, beletha okuhlukile nokusezingeni eliphezulu.
“Sithembisa abantu injabulo yodwa kulomcimbi esesiwenza okwe-11 kulonyaka. Lo mcimbi kasiwuqalanga ngoba sibheke imali kodwa sawuqala ngenxa yokubanothando lokukhuphula impilo yaselokishini, kanti kulonyaka igiya liphezulu kakhulu,” kusho uMnuz Philani Ngwenya. .
Uveze ukuthi kulo nyaka kuzobe kuboshelwe kakhulu njengoba kuzobe kukhona ngisho amaciko angaconsi phansi kulezinsuku oDJ Maphorisa noKabza De Small, uMawhoo, uWe DemBoyz, uDJ Tira, uDJ Happygirl, uZola7, iBig Nuz, uDJ Sox, uDJ Cndo, nabanye abaningi.
“Okuhle ukuthi zonke lezilomo zizobe zishiyelana inkundla namaciko endawo. Sizibophezele ekutheni sinike ithuba amaciko asafufusa futhi sinike ithuba osomabhizinisi bendawo ,” kubeka uNgwenya.
INKKASI XPERIENCE iba minyaka yonke ngesikhathi se-festive, izakhele igama ngokuba elokishini nangokuletha abaculi abadume izwe lonke.
Omunye wamaciko asakhula owaziwa ngoMastende uthi ujabule kakhulu ngokuthola leli thuba eliyingqayizivele.
” Kukhulu kimina lokhu ngoba ngizokwabelana inkundla nabantu engikhule ngibabukela kude” kusho uMastende.