Uncategorised

UFIKE ENKANTOLO ELIMELE OSOLWA NGOKUBULALA U-DJ WARRAS

UVICTOR Majola osolwa ngokubulala uDj Warras evele kafushane enkantolo namhlanje. ISITHOMBE: FACEBOOK.

NOMCEBO NGEMA

Ufike enkantolo elimele uVictor Majola, osolwa ngokubulala uDJ Warras, ngesikhathi ezofaka isicelo sebheyili, enkantolo yemantshi yaseGoli izolo.
Imantshi ibe isimbuza ukuthi ulutholile yini usizo lwezempilo ejele njengoba elimele, wavuma ukuthi ubonene nodokotela.
Inkantolo ibe isihlehlisela umhla ziyi-13 kuMasingana ukulalelwa kwesicelo sebheyili, njengoba ebhekene necala lokubulala uDJ Warras, oke wathula ubufakazi kwiMandlanga Khomishini, wakhombisa ufuqufuqu lokubuya azothola obunye ubufakazi obubucayi.
U-DJ Warras ubengumsakaza odumile kuleli futhi, engumethuli wezinhlelo kumabonakude, wanconywa abantu abaningi ngesibindi sakhe sokungahlonizi ngesikhathi ethula ubufakazi.
Lo DJ wodumo ubulawe eneminyaka eyi-40 ubudala, edutshulelwa enkabeni yedolobha eGoli ngoZibandlela ngonyaka odlule, ngaphandle kwebhilidi, ebeligadwa inkampani yakhe yonogada.
UVictor oneminyaka engama-44 ubudala ubhekene necala lokubulala okuhleliwe, uboshwe ngonyaka odlule ngoZibandlela .
Ubevele kafushane enkantolo, ezofaka isicelo sebheyili, esizolalelwa ngesonto elizayo.