Uncategorised

UMAMYENI USENGUNDLUNKULU WOKUQALA WENDLULAMITHI

ISILO uMisuzulu kaZwelithini noNdlunkulu uNomzamo uMaMyeni. IZITHOMBE : FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

NAKUBA bekunongabazane ngomgcagco kaNomzamo uMaMyeni, egcagcela kwiSilo uMisizulu KaZwelithini, kulandela ukuphika kokusondelene naso iSilo, nezinkulumo ekuthiwa beziqhamuka eNdlunkulu zokuthi iSilo asiqale ngokugcagcisa uKaMayisela, kodwa ugcine ngokwenzela ngaphandle kwezihibe umgcagco weSilo uMisizulu KaZwelithini noNdlunkulu uNomzamo uMaMyeni.
.
Lo mgcagco wesintu weNdlulamithi ubusesigodlweni seSilo esesakhothama uZwelithini kaBhekuzulu, kaKwaKhangelamankengane, KwaNongoma.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuthiwa uNdlunkulu Nomzamo Myeni nguyena osezoba nguNdlunkulu wokuqala weSilo ngoba uyena owokuqala ukungena esibayeni futhi athelwe ngenyongo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoLwesihlanu iNgonyama yayimkhehla uNdlunkulu enkundleni yezemidlalo eJozini Stadium njengoba namhlanje beziwushaya.

UMengameli we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema ukhonze iSilo uMisizulu KaZwelithini ngamaguqa amabili njengoba ebegcagcelwa uNdlunkulu uNomzamo.