Uncategorised

ISILILO KUDLULA EMHLABENI U-DJ BHOONU

UDJ Bhoonu ushiye ngokuzuma , washiya abantu bedidekile. ISITHOMBE: SWIDI FILMS

SANDILE MAKHOBA

KWETHUSE abaningi ukudlula emhlabeni kuka-DJ Bhoonu, obezakhele igama kwezobumnandi eThekwini.
UBhoonu olale izolo eziphilela encokola nabangani bakhe, kuvele kwama inhliziyo wathula kanjalo.
Okuthusa abantu ukulala kwakhe engavuki kade ezijabulele nje.
Yize noma umndeni ungakazi uzothathani uhlanganise nani, kodwa ucele abantu abazobona beye ekhaya eMlazi. Ngokomndeni uthi leli mqhawe lizofihlwa eNgonyameni ekhaya, nakuba usuku bebengakabinalo njengoba bekuqeda kwenzeka.