SELIDUMELA EMANSUMPENI KOWE- INKKASI XPERIENCE FESTIVAL NAMHLANJE

UPHILANI Ngwenya uthi abantu abathenge amathikithi bagweme ukuphoxeka ngosuku olukhulu lwe-Inkkasi Xperience mhlaka 15 kuZibandlela, ePrincess Magogo KwaMashu.

NOMCEBO NGEMA
KUKHUTHAZWE ukuthi abantu bathenge amathikithi endumezulu yomcimbi i-Inkkasi Xperience Festival, ukuze bagweme ukuphoxeka ngosuku uma esephelile. Le ndumezulu yomcimbi i-INKKASI Xperience Festival ibhekwe ngabomvu njengoba izobe ibophele abaculi abaphezulu noDJ.
Lo mcimbi uba minyaka yonke ngalesi skhathi sonyaka, kanti Awugcini ngokujabulisa abantu ngomculo kodwa uphinde uklame indima enkulu ekukhuliseni umnotho waselokishini, ukweseka ithalente lendawo nokugcina abantu abasha bematasa kumaprojekthi ahlukahlukene.
U-Anelisa Ngwenya okhulumela iKasi Lami okuyinkampani ehlela lo mcimbi i-Inkkasi Xperience Festival uthi abantu abaphuthume bazitholele amathikithi ngoba Imbila yaswela umsila ngokuyalezela.
