Uncategorised

UGAQELWE AMAQEMBU AKWI-PSL UMGADLI WE-GOMORA UNITED

SIYAKHULA isibalo samaqembu agaqele uTiklas Thutlwa emva kokuba nesizini enhle kwiGomora United.
ISITHOMBE: FarPost.

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMGADLI weGomora United FC, uTiklas Thutlwa, usephundeke inyama emaqenjini amaningi, kulandela ukushaya into ecokeme kwakhe engxenyeni yesibili yesizini ka-2025/26, usefunwa ngamaqembu eBetway Premiership nawaseTanzania.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala, ujoyine iqembu elidlala kuMotsepe Foundation Championship ekuqaleni komzuliswano wesibili kwesizini, usheshe wazakhela igama ngemuva kokuchitha cishe iminyaka emibili engadlali ngenxa yokulimala.
UThutlwa wajoyina iSekhukhune United ngoNtulikazi ka-2023 esuka kuBlack Leopards, iqembu laseLimpopo elase lihleli esigabeni sesithathu ngaleso sikhathi. Ngesikhathi esekuBabina Noko wabolekiswa kwiVenda FC lapho aphuka khona umlenze emdlalweni wobungani neKaizer Chiefs, okwamenza wahlala isikhathi eside engadlali.
Ngemuva kokululama nokubuyela kuSekhukhune ekupheleni kwaleyo sizini, lo mgadli wajoyina iGomora United ekuqaleni kwalo nyaka futhi wakhathula indima enkulu ekusizeni iqembu elisanda kunyukela esigabeni ukuthi lisinde ezembeni.
Ezinyangeni eziyisithupha kuphela kuleli qembu, uThutlwa ushaye amagoli ayisishiyagalolunye kuyo yonke imiqhudelwano, okuhlanganisa ayisishiyagalombili eligi nelilodwa kwiNedbank Cup.
Ukudlala kwakhe sekudonse amehlo amaqembu amathathu angadalulwanga eBetway Premiership, kanti neqembu elidlala esigabeni esiphezulu eTanzania kubikwa ukuthi selibuze ngokumthenga.