USESIGABENI SESITHATHU SOKUHLOLWA UMGOMO WOKUVIKELA I-TB

UMGOMO osesigabeni sesithathu sokuhlolwa wokuvikela isifo sofuba. ISITHOMBE: DOH
NOMCEBO NGEMA
USESIGABENI sesithathu sokuhlolwa emazweni amahlanu, okubalwa nelakuleli umjovo u-M72 wokugomela ukuvikela ukusuleleka ngesifo sofuba (TB). UMnyango wezeMpilo kuzwelonke uveze ukuthi lo mjovo kuyoshaya unyaka ka-2030 uyisisombululo kwimiphakathi eminingi. Baveze ukuthi izigaba zaphambilini zokuhlolwa zikhombise imiphumela ethembisayo, futhi lo mgomo uzovikela abantu ekutholeni i-TB yamaphaphu ngaphandle kwezinkinga ezinkulu zokuphepha.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uMnuz Foster Mohale, uthe umnyango usuqalile ukwenza amalungiselelo ukuze abantu baseNingizimu Afrika, bakwazi ukuwuthola ngokushesha lo mgomo uma usugunyaziwe. “Lo mgomo uzovikela intsha nabantu abadala ekutholeni i-TB futhi uzoguqula kakhulu indlela yokulawula lesi sifo, nokulwa naso. INingizimu Afrika ingenye yamazwe athinteka kakhulu ngesifo sofuba,” kusho uMnuz Mohale.
