UZOZINIKELA EMAPHOYISENI UXOLANI WE-SIZOK’THOLA

UXOLANI Khumalo okulindeleke ukuthi azinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko. ISITHOMBE: FACEBOOK
NOMCEBO NGEMA
KULINDELEKE ukuthi azinikele emaphoyiseni ngoMsombuluko mhla ziyi-19 uXolani Khumalo, kulandela ukusabalala kwemibiko ethi ufunwa amaphoyisa ngecala lokushaya.
UXolani waduma kakhulu eshayela uhlelo lukamabonakude iSizok’thola, olwalulwa nokubhidliza izidleke zezidakamizwa, kanti. futhi iqembu i-ActionSA izofolosa ngaye kwesobuMeya kuMasipala waseKurhuleni njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya.
Lezi zindaba zivezwe iyona i-ActionSA kwisitatimende esithumele kwabezindaba.
USihlalo waleli qembu kuzwelonke
uMnuz Michael Beaumont uthi lesi sinqumo uXolani usithathe ngemva kwemininingwane okusolwa ukuthi iputshuke kwabakwasidlodlo, eveza izinhlelo zokumbopha mayelana nesigameko esithinta umsolwa odayisa izidakamizwa. Uthi uXolani wasukumela phezulu ngemuva kokuzwa ngale mibiko wabe esehlela umhlangano namaphoyisa ukuze acacise ngezinhloso zabo.
Uqhube wathi lolu daba lusukela emkhankasweni wamaphoyisa wangonyaka odlule eKatlehong, lapho uXolani wayekhona ngesikhathi kugaselwa emzini womuntu okusolwa ukuthi udayisa izidakamizwa.
Uthi kwavela ukuthi amaphoyisa athola izinhlamvu ezingekho emthethweni abopha umsolwa kodwa wagcina ededeliwe engavelanga enkantolo.
“Umsolwa wabe esevulela uXolani icala lokushaya futhi amaphoyisa ayaqhubeka nalo. Umsolwa uxhumene nethimba elidayisa izidakamizwa elibandakanya amalungu angamaphoyisa,” kuphetha ActionSA kwisitatimende.
