IZINGQALABUTHO ZE-JAZZ ZIVUSELELE UMOYA WOMCULO ETHEKWINI

UMADALA Kunene ecula emcimbini iSunday Jazz Sundowners izolo. ISITHOMBE: LUYANDA MLABA
LUYANDA MLABA
IBIGCWELE phama abathandi bomculo weJazz, iThe Bat Centre, eThekwini izolo, ngesikhathi izingqalabutho zalomculo uMadala Kunene noJerry Kunene, ecula kwi Sunday Jazz Sundowners. Lo mcimbi ubuhlelwe ngenhloso yokugubha ifa-gugu lomculo weJazz, nokweseka amaciko ngokujabulisa umphakathi ngalolu lozolo lomculo.
Lo mcimbi ubuhlelweNqubeko Mchunu, othe iSunday Jazz Sundowners ihlose ukuhlanganisa abantu ngomculo, nokunikeza amaciko endawo nezingqalabutho ithuba lokuhlangana nabalandeli. “Sifisa intsha ibone futhi ifunde kulaba baculi abasungule indlela yomculo weJazz eNingizimu Afrika,” kusho uMchunu.UMadala Kunene uthe kuyamjabulisa ukubona abantu beluthokozela lolu hlobo lomculo. “Ngijabula kakhulu ngokwenza lento engiyenzayo ngoba iphilisa abantu, iphinde ingiphilise nami uqobo,” kusho uKunene.Izithameli zalo mcimbi zithe zikujabulele ukubona uMadala Kunene noJerry Kunene bedlala bukhoma. Bathe imicimbi efana nale ibalulekile ekuthuthukiseni umculo weJazz eNingizimu Afrika.
Lo mcimbi uphinde wagqamisa iThe BAT Centre njengendawo ebalulekile yokuthuthukisa ubuciko, ukweseka amaciko nokuletha umphakathi ndawonye ngemicimbi yomculo nezobuciko.
