Uncategorised

KUSIJABULISILE UKUFA KWEMIGULUKUDU YASE-NANDA SINGAMAPHOYISA: UMKHWANAZI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA

UKHOMISHA wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLt General Nhlanhla Mkhwanazi uthi bengamaphoyisa kubajabulisile kakhulu ukufa kwemigulukudu yaseNanda, nomphakathi uzothola ukuthula.
UMkhwanazi uveze lokhu, ngesikhathi kunembizo ebihlelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli, ebiseMaoti eNanda, ngaphansi koMnyango wezokuPhepha nokuXhumana KwaZuulu Natal.
Uthi Inanda ibalwa nezindawo ezinhlanu ezihamba phambili ngamacala okubulala, kanti yiyo ezihola phambili ngamacala okuhlukumeza abesifazane nezingane.
“Ukubulawa nokuboshwa kwemigulukudu ezibiza nge-west, kuzokuba nomthelela omuhle ekuncipheni kobugebengu bokubulawa kwabantu eNanda,” kusho uMkhwanazi.

Uthe njengoba ekhuluma abasolwa ngokubulala eNanda bayi-15 abagcinwe esitokisini, abangazange balwisane namaphoyisa.
“Baningi asebegwetshiwe ngamacala okubulala eNanda. Yonke lemigulukudu esala enkundleni ngenxa yokulwa namaphoyisa nabo baboshwa noma sebefile,” esho.
INanda ihamba phambili emacaleni okuhlukumeza abesifazane nezingane eNingizimu Afrika, lokhu okunomthelela wokuthi iTheku kube yilo elihamba phmbili kubugebengu.
“Ubugebengu obuphezulu eNanda buchaphazela iTheku ukuthi kube yilo elihamba phambili ngobugengu eKZN futhi eyenza KZN kube yisifundazwe esihamba phambili kubugebengu eNingizimu Afrika,” kubeka uMkhwanazi.