Izindaba

BAHLOMULE NGAMABHIZINISI ABAFELOKAZI ENKANDLA

IMEYA kaMasipala waseNkandla uCllr Nonhlanhla Nzuza, uhlomulise abafelokazi baseNkandla ngamabhizinisi.

LUBE yimpumelelo uhlelo lokuhlomulisa abasifazane abangabafelokazi. ISITHOMBE: INKANDLA MUNICIPALITY

OWAMI THABETHE

BESULWE izinyembezi ngamabhizinisi abafelokazi baseNkandla, kulandela ukuthi iMeya yomkhandlu waseNkandla uNkk Nonhlanhla Nzuza, enikezele izinsiza
zokuqala amabhizinisi kubafelokazi.
IMeya Nzuza ukwenzela lokhu, kulandela ukuthi ngoMarch kulo nyaka esungule izinhlelo ezithuthukisa abesifazane okubalwa kuzo nohlelo lwabafelokazi.

NgoMsombuluko e-Indoor Sports Centre ngo-11 ekuseni eNkandla, uNkk Nzuza umukelisa abasifazane abangabafelokazi izinsiza ezizobalekelela ukuzithuthukisa okubalwa abaqhamuka kuward 1,4, 5,6 nowadi 11.
“Lokhu kuzobasiza ukuzimela abafelokazi, ngengoba iningi labo likhulisa izingane ngalodwana liphinde libhekele amakhaya,” kubeka uCllr Nzuza.

Uveze ukuthi uzohambela namanye amawadi esabalalisa lezi nsiza okubalwa ward 2,3,8,9,10,12, 7, 13, nowadi 14.
“ Yize behlomule kuwona wonke amawadi, kodwa ngiyazi abatholile bonke ngoba nesibalo sababhalisayo siyakhula. Inhloso enkulu ukulandelela kwabatholile ukuqinisekisa ukuthi awawi amabhizinisi abo. Umkhandlu uqinisekisile ukuthi ngaphambi kokuthi banikezwe lezi zinsiza bayacijwa ngolwazi oluzobalekelela. Lolu hlelo sizoqhubeka nalo minyaka yonke silukhulise ngoba sifuna bakwazi ukuphakamisana bebodwa abafelokazi ezindaweni abahlala kuzo, ” kusho uMeya Nzuza.
Abafelokazi ebahlomule ngaphansi kwalolu hlelo babonge banconcoza kumasipala.