INGWAZI YEBHOLA YAKULELI IHLONISHWE NGEZIQU E-TUT

UDOCTOR “16V” Khumalo uhlonishwe ngeziqu zobudokotela
ISITHOMBE: Afrik-Foot SA
MALIBONGWE MAZIBUKO
INGWAZI yebhola laseNingizimu Afrika, uDoctor Khumalo, ihlonishwe ngeziqu zobudokotela wePhilosophy kwiScience (Kinesiology and Coaching Science) yisikhungo semfundo ephakeme, Tshwane University of Technology, ngenhloso yokubonga iqhaza elikhulu alibambe ekuthuthukiseni ibhola kuleli.
Lezi ziqu unikezwe ngesikhathi sokwethwesq kweziqu ngeledlule kanti kubikwa ukuthi ngalokhu, ufezekise isifiso sikayise ongasekho. Lo mdlali owayedlala kwiChiefs, owaziwa kakhulu ngegama elithi “16V,” usahlonishwa njengomunye wabantu ababa negalelo elikhulu ebholeni, kokubili enkundleni nangaphandle kwayo.
Ekuqaleni uKhumalo wacabanga ukuthi lezi zindaba ziyihlaya, ngaphambi kokuba azithole eqinisekisa mathupha enyuvesi ukuthi ziyiqiniso. Lokhu kudale ukuthi abaningi babone ubuntu bakhe kulo mcimbi omkhulu.
Ngakolunye uhlangothi, sekukhona amahlebezi aqhubekayo okuthi uKhumalo angase abuyele kwiChiefs esikhundleni sokwengamela kwezobucwepheshe ngokwezebhola ngaphambi kwesizini entsha, yize kungakabikho isimemezelo esisemthethweni. Lezi zindaba sezidale izinkulumo phakathi kwabalandeli bebhola.
UKhumalo uqhubekile nokuba yingxenye yebhola ngokweluleka abadlali abasakhula, okubalwa kubo noMduduzi Shabalala, ebakhuthaza ukuthi bahlale begxile futhi bengadideki ngenxa yokugxekwa emphakathini.
Njengoba udumo lwakhe luqhubeka nokukhula, kuyabonakala ukuthi indima kaKhumalo ebholeni laseNingizimu Afrika ingase ingene kwesinye isigaba esibalulekile maduze.
