Uncategorised

IMEYA ITHI IBIYISIQALO SOKUKHOMBISA UHULUMENI NGABAKUFUNAYO IMASHI

IMEYA uCllr Mduduzi Myeza iyingxenye yemashi yemashi.

UJACINTA Ngobese-Zuma enika iMeya uCllr Cyril Xaba uhlu lwezikhalo zabo ngabantu bokufika kuleli. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waseNkosi Langalibalelele uCllr Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza, esizakhele ugazi kwabaningi ngenxa yokuphumela kwayo obala yeseke iMarch And March, ithi imashi yomhlaka 30 kuNhlangulana beluyisiqalo njengoba abaningi bezitshela ukuthi beluyisiphetho. IMeya uMyeza isho lokhu ngoLwesibili kukhukhulela ngoqo wemashi ebisedolobheni eThekwini, enxenxa abokufika kuleli ngokungemthetho ukuthi babuyele emazweni abo.

IMeya ithi lokhu beluyisiqalo sokutshengisa uhulumeni omkhulu ukuthi yini abayifunayo njengabahlali baseNingizimu Afrika. “Sisuke eMtshezi seza lapha eThekwini ngenhloso yokweseka iMarch And March, ekhuluma ngento efunwa abantu, thina siwuhulumeni futhi sikhethwe abantu ngakho siyizwi labantu. Silapha ngoba sizokhuluma lokhu okufunwa abantu, abantu sebeshilo ukuthi bonke abokufika kuleli ngokungemthetho abahambe. Ngiyabeseka kakhulu abantu kulokhu abakushoyo ngoba kubuya kushaye thina komasipala, ngoba ithina esihlezi nalabantu. Uma abantu sebedinga intuthuko mhlampe kagesi, labantu bangaphandle nabo bayawusebenzisa ugesi. Labantu balapha ngokungemthetho futhi uma kubalwa abantu baseNingizimu Afrika ababalwa ndawo bona, uma abantu bakithi sebengawutholi ngendlela efanele ugesi usuke usuphelela kubona laba bokufika. Uma uMkhandlu wasoThukela unikeza abantu abangama-300 amanzi, kunalaba bokufika abangaphezu kwama-300 abazothola amanzi ebese egcina engafikile ngendlela efanele kwizikhamuzi zakuleli,” kusho iMeya uMyeza.

UMholi nomsunguli we-March And March uJacinta Ngobese-Zuma unike iMeya yeTheku uCllr Cyril Xaba uhla lwezikhalo zabo. Le mashi ibihanjelwe izinkumbi zabantu ebebesho ngazwi linye bethi “abahambe sekwanele”.