Uncategorised

BUSEZINGENI UBUCHWEPHESHE BESIMANJE KUMTAPOWOLWAZI WASE-NDALENI

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya uCllr Mmeli Ngcongo, bevula ngokusemthethweni umtapowolwazi.

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula neMeya nezinye izikhulu benabafundi bezikole ezihlukahlukene zase-Richmond. IZITHOMBE: THABISO MJOKA

NOMCEBO NGEMA

UNOBUCHWEPHESHE obuningi besimanje manje umtapowolwazi iNdaleni (Ndaleni Library), obuvulwa ngokusemthethweni uNgqongqoshe woMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko, namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula ngoMgqibelo, eRichmond.
IMeya kaMasipala waseRichmond uCllr Mmeli Ngcongo, ubongele kakhulu umphakathi waseNdaleni ngokuthi uzohlomula ngolwazi, ngesikhathi kuqhubeka umcimbi enkundleni yezemidlalo e-Indala High School Sport Field.

IMeya ithi kunezincwadi eziningi ezikulomtapowolwazi ongeke uziphathe ngesadla, kodwa uzozi-downloader ukuze uzifunde noma ukuphi kumakhalekhukhwini wakho.
“Izakhamuzi zizophinde zikwazi ukwenza ucwaningo, ukwenza ama- assignments nokunye okuningi njengoba iphethe i- Artificial intelligence (AI). uMphakathi wase-Richmond uthole ithuba eliyingqayizivele lokuba nomtapowolwazi oseqophelweni eliphezulu. Ngicela ukukubeka kucace ukuthi lo mtapowolwazi akuwona owoMnyango wezeMidlalo, ezamaCiko, namaSiko, akuwona futhi okamasipala kodwa owomphakathi. Abantu abazoqashwa basebenze abomphakathi,” kusho iMeya.

Ube esenxusa amalunga omphakathi ukuthi uwuphathe kahle lo mtapowolwazi, ungawudicileli phansi noma ngayiphi indlela. “Umphakathi awungadicileli phansi ingqalasizinda uma uxabene wodwa noma namakhansela ebese uyamasha uyolimaza into esiza wona. Kulabo abathanda udlame nokulwa abahambe beyolwa nezincwadi kumtapowolwazi ukuze bathuthukise ulwazi abanalo. Nami nje nginguMeya ngingumfundi e- University Of Pretoria ngakho nami ngizosizakala kakhulu kulomtapowolwazi. Ngicela ukuthi sonke sisukume sibhukule sifunde angikhathali ukuthi umdala noma umncane kodwa imfundo ibalulekile kakhulu,” kuqhuba iMeya.

U-Oluhle Shabalala owenza ibanga lesihlanu (Grade 7) KwaMlamuli Primary School, uthi lo mtapowolwazi uzobasiza kakhulu ngokuthi bathole ulwazi oluningi nokuthi benze umsebenzi wesikole kalula. “Ngiyabonga kakhulu kuNgqongqoshe uMnuz Khawula ngokusakhela indawo lapho esizothola khona ulwazi, sifunde esingakwazi siphinde sithole ulwazi esingakafiki kulona esikoleni, sifike kulona sesicijeke ngokwanele. Lo mtapowolwazi uzokwehlisa umthwalo nakothisha abasifundisayo, ngoba okunye okuningi sizofika sesikwazi kade sizicija kulomtapowolwazi,” kusho U-Oluhle.

Uphinde wathembisa ukuthi bazowuphatha kahle umtapowolwazi wabo, futhi bazobakhuza nalabo abazontshontsha izincwadi ngoba ngokwenzenjalo bazobe bencisha ulwazi izingane eziningi eziza emva kwabo.