UZIKALALA UKHUZA UKUQASHWA KWABOKUFIKA

UMNUZ Sihle Zikalala uthi kuyichilo ukuqashwa kwabokufika abangenazo izimvume uzokuba kuleli. ISITHOMBE: SIYABONGA PHAKADE
SIYABONGA PHAKADE
KUKHUZWE eyokuqashwa kwabokufika abangenazo izimvume zakuba la eNingizimu Afrika, ngesikhathi kunohlelo olubizwa nge-Intergovernment multidisciplinary inspection eNdwedwe enyakatho yeTheku.
Lokhu kushiwo yilowo obhekelele uhlelo lwentuthuko yesifunda ILembe (District Development Model) uMnuz Sihle Zikalala, othi kuyichilo ukuthi kusenabaqashi abaqhubeka nokuqasha abantu abangenawo amaphepha abagunyaza ukuthi babe kuleli.
“ Sifuna ukuthumela umyalezo oqinile kulabo baqashi abasaqhubeka nokuphula imithetho yakuleli neyabasebenzi.
Ukudayiswa kokudla okungalungile, ukusatshaliswa kwemikhiqizo enobungozi nokungahlanzeki kwezitolo ezidayisa ukudla kunomthelela ongemuhle ngokwezempilo, “ kusho uZikalala
Lolu hlelo obeluhlanganisa iminyango emithathu kahulumeni, okubalwa uMnyango wezokuQasha nemiSebenzi, uMnyango weZasekhaya noMnyango weZemisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda.
Uthi lolu hlelo kuhloswe ngalo ukuhlola ukuthi, abaqashi bayayilandela yini imithetho nemigomo yezabasebenzi.
Kuzophinda kuqinisekiswe ukuthi uhlelo i-UIF luyalandelwa yini abaqashi.
UZikalala uthi Lolu hlelo oluwuchungechunge bazoqhubeka nalo kungazelele muntu ukuqinisekisa ukuthi imithetho iyahlonishwa.
