
UMTHETHWA UKHUZA ABABHUKUDA EMFULENI UMFOLOZI

ITHIMBA ebelizama ukubheka umzimba. IZITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
KUXWAYISWA izakhamuzi zaseDukuduku ngokubhukuda emfuleni omkhulu uMfolozi kulandela ukuminza kowesilisa oneminyaka engama-32 ubudala.
IMeya uCllr Mxolisi Mthethwa, onxuse umphakathi ukuthi ugweme ukubhukuda kulo mfula.Kuthiwa lo mlisa ubesuka emngcwabeni lapho ebeyosiza ngokumba ithuna kwamakhelwane, ngemuva komngcwabo wathi ufuna ukuya emfuleni uMfolozi, ukuyogeza udaka.Ube esehamba nomunye umngane wakhe, bafike emfuleni bakhumula izingubo zangaphansi bangena emanzini, ngesikhathi besemfuleni, umngane wakhe uzwe lo mlisa esememeza ngaphambi kokuthi ahambe eyoshona ezansi nomfula.Kuvele ukuthi umngane uzamile ukumsiza, kodwa wehluleka ukumtakula.
Ngemuva kokubikelwa ngalesi sigameko, uMthethwa unikele endaweni yesigameko. Ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMthethwa, wathi bazosebenzisana nawo kuze kutholakale umzimba.
“Sikhalisana kakhulu nomndeni wakwaMthethwa ngokuminza kwendodana yawo. Sinethemba lokuthi laba abatakulayo bazofika bazosilekelela. Sizosebenza ngokubambisana nomndeni kuze kutholakale umzimba. Siyakhuza bantu bakithi, yekelani ukubhukuda kulo mfula, uyingozi,” kubeka uMthethwa.
