ISIMANGALISO SIBONGE EZEMVELO BEDIVOSA

ISIKHULU esiphezulu kwi-Isimangaliso Wetland and Park uMnuz Sibusiso Bukhosini

UMNUZ Mkhize emva kokusayinda isivumelwano sesehlukaniso noMnuz Bukhosini. IZITHOMBE: ZETHU PHOSWA
NOMCEBO NGEMA
UMNUZ Sibusiso Bukhosini onguMphathi weSimangaliso Wetland Park Authority, ubonge ukusebenzisana okuhle kweminyaka emningi ne-Ezemvelo KZN Wildlife ebingamele izindawo zabo, ngesikhathi sebedivosa ngokusemthethweni, okukaKhesari sekubuyela kuKhesari.
UMnuz Bukhosini ukusho lokhu, ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eMoses Kotane Research Institute, eThekwini namuhla.
Uthi banika Ezemvelo igunya lokuphatha izindawo zabo okungamahhotela neziqiwi kusukela ngonyaka ka-2009, ngenhloso yokuthi babasingathele , njengoba babengakabi sesimeni sokuthi bangakwazi ukuziphatha. “Siyabonga kakhulu kweZemvelo ukuthi zikwazi ukusibambela lo msebenzi ngendlela eneqiniso, nenobuqotho nokunikezana kahle lo msebenzi ngaphandle kokuxabana. Ngithanda ukukubeka kucace ukuthi ukusebenzisana phakathi kweSimangaliso neZemvelo kube kuhle kakhulu futhi kusazoqhubeka. Sacela abe-Ezemvelo
ukuthi basibambele, saba nesivumelwano esasibiza nge- service level agreement esasisayinda ngonyaka ka-2009.
Leso sivumelwano kwakufanele sihambe size sifike emaphethelweni, njengoba sesifikile manje emaphethelweni, Ezemvelo seziyaphuma kungena iSimangaliso,” kusho uMnuz uBukhosini.
Uqhube wathi iSimangaliso sizothatha lezi izindawo, kodwa uma sizithatha angeke kungene sona siziphathe kodwa sizofuna abatshalizimali okuyibona abazosebenza lezindawo.
Uthi abatshalizimali babafunela iSodwana Bay National Park, iMaphelane Nature Reserve, Umkhuze Game Reserve, iCape Vidal Nature Reserve neKosi Bay.
Uveze ukuthi baphinde bafaka nezindawo ezifana ne-Charters Creek Reserve neManzengwenya, okuyizindawo ezaziwayo ukuthi ziheha izivakashi kakhulu.
“Lolu hlelo seluqalile futhi siyasebenzisana nezinhlaka eziningi ezihlukahlukene zikahulumeni esifundazweni kanye nakuzwelonke, ukuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luba impumelelo. Inhloso yaloluhlelo ukuqinisekisa ukuthi, lezindawo ziyakwazi ukwenza inzuzo okufanele ziyilethe, ikakhulukazi uma sesiletha abantu abaziyo ngalolu hlelo lwezokuvakasha. Ngingakuqinisekisa ukuthi lezindawo angeke zivalwe kodwa zizoqhubeka zisebenze ngendlela ebezisebenza ngayo. Izindlela zokubhukha kulezindawo azishintshile ungafona okanye uthumele i-email kulemininingwane ebisetshenziswa Ezemvelo,” kuqhuba uMnuz uBukhosini.
Uphinde waqinisekisa ukuthi akukho noyedwa umsebenzi ozolahlekelwa umsebenzi wakhe.
Laba baphathi babe sebesayinda isivumelwano sesehlukaniso esisemthethweni.
