Uncategorised

KWETHULE IZISHOSHOVU EZIZOBHEKA NODLAME LWASEKHAYA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ekhuluma nezishoshovu.

.

IZISHOSHOVU ezizotshalwa kuzona zonke iziteshi zamaphoyisa KwaZulu-Natal. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

ZETHULWE ngokusemthethweni izishoshovu ezizobhekana nokubulawa, nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane KwaZulu-Natal, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngokubambisana noMnyango wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi ongaphansi kwehhovisi lakhe, ngoLwesibili, eDurban Management Area Conference Centre, eWestville.

UNdunankulu uNtuli uthi inhloso ukulwa nokubulawa, nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
“Sethula ngokusemthethweni izishoshovu ezizosabalala esifundazweni sonke saKwaZulu-Natal eziteshini zamaphoyisa, ukuze uma kufika izisulu zokuhlukunyezwa babafice bekhona. Lezi zishoshovu zizophinde zibe yiso lethu ukulekelela kumagumbi angasese (friendly rooms) ukubona ukuthi ngampela ngabe usonhlalakahle ukhona yini kanye namaphoyisa. Omunye umsebenzi esibanike wona ukubika uma kukhona amacala avuliwe eziteshini zamaphoyisa, ngoba kuzokwakhiwa uhlelo oluzofaka yonke imininingwane ukuze sikwazi ukubona ukuthi ngosuku isimo siyancipha yini okanye siyenyuka,” kuchaza uNdunankulu uNtuli.

Uqhube wathi ngalolu hlelo bazokwazi ukubona ukuthi yiziphi izindawo eziyisizinda salolu dlame , ukuze basheshe basondele babalekelele. Uphinde wakhuthaza ngokuthi abangagcini ngokuba seziteshini zamaphoyisa bamukele izitatimende, abaxoxisane nezisulu, baphume baye nasemphakathini baxoxe nawo ukuze kugwemeke lesihlava.
“Siphinde sagcizelela ukuthi babonakale emphakathini, bahole amamashi asuke eqhakambisa ukuthi uhulumeni waKwaZulu-Natal umelene nalesihlava,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.

Lezi zishoshovu ziqhamuka kuyona yonke imikhandlu KwaZulu-Natal njengoba lo msebenzi wakhangiswa kwathi abanenhlanhla baphumelela.