Uncategorised

ISIKHULU SAMAPHOYISA KWELOKUFA KUKA-SENZO MEYIWA

UNOZINTI owengaconsi phansi uSenzo Meyiwa oqeda iminyaka eyi-11 adlula emhlabeni nomsolwa uMuzi Sibiya useveze okusha ngePhini likaKhomishana waMaphoyisa.

NOMCEBO NGEMA

UMSOLWA wokuqala ecaleni lokubulawa kukanozinti weqembu lebhola i-Oriando Pirates novimbela iqembu lesizwe iBafana Bafana, useveze ukuthi iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa uMnuz Shadrack Sibiya wayekhona endaweni yesigameko, ngesikhathi kubulawa khona uSenzo Meyiwa.

UMuzi Sibiya usho lokhu ngesikhathi evele eNkantolo ePhakeme yasePitoli ngeledlule nakuyilapho evezwe ukuthi iPhini likaKhomishana lalikhona endaweni yesigameko, kodwa amaphoyisa azama ukufihla imininingwane.
Kuzokhumbuleka ukuthi leli cala selidonse iminyaka eyi-11 abasolwa bephuma bengena ezinkantolo kodwa akekho othola isigwebo.
Kulempelasonto esiphuma kuyona mhla-26 kuMfumfu 2025 bekuphela iminyaka eyi-11 kwadutshulwa kwabulawa isilomo sikanozinti uSenzo Meyiwa.
Umndeni kaSenzo eMlazi, esigcemeni sakwa-K ubungaze lolu suku njengoba kuwusuku adlula ngalo emhlabeni ngonyaka ka-2014 esendlini yesinqandamathe sakhe uKelly Khumalo, eVosloorus. Ngesikhathi kuqhubeka lo mbungazo kuvuke umunyu nosizi kumama wakhe ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ebuza ukuthi kungani ababulali bendodana yakhe bengaboshwa okanye kubizwe laba ababesendlini bezochaza ngokufa kukaSenzo.