UNTULI UHLANGANE NOKHOMISHANA WASE-PAKISTAN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wokubhunga ngodaba lwabokufika ngokungemthetho kuleli. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE
NOMCEBO NGEMA
KWANDA kwemibhikisho ethe chithi saka KwaZulu-Natal, kwenze uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli athathe igxathu lokuba nomhlangano noKhomishana we-Islamic Republic Of Pakistan uMnuz Malik Muhammad Ferooq kanye ne-United Nations, ngenhloso yokuphuma nesisombululo ngodaba lwabokufika kuleli. Njengoba abemibhikisho baphume nosuku lomhlaba ziyi-30 kuNhlangulana, kwenze uNtuli uqome ukubiza umhlangano eMarine Building, eThekwini, izolo ukuze bafakane imilomo.
“Ukuxoxa kwethu kube sekutheni siyenze yonke imizamo yokuthi wonke umuntu osesifundazweni uthathwa ngendlela enenhlonipho futhi nozinzo luba khona. Siyakugcizelela kodwa nokuthi kubalulekile ukuthi uma bengenamvume esemthethweni yokuba kuleli ababuyele emazweni abo ngoba alukho izwe elivumela abantu abaphula umthetho bahlale kulona. Njengohulumeni sigcizelela ukugcinwa komthetho kodwa sibe sinezinhlelo zokuthi sixoxisane nabo bonke abantu balapha esifundazweni abakhathazekile ngalezinkinga. Uma kufanele ukuthi balekelelwe ukuze babuyele emakhaya ohulomeni babo abenze izinhlelo zokuthi babalande,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
