UTUSWE NGEMISEBENZI EMIHLE OWE-WISEMAN CAR WASH ESIKHUMBUZWENI

UNKSZ Phumzile Cele ongundodakazi kaWiseman , emise uNhlonipho Mkhize obekhulumela osomabhizinisi abakhiwe uWiseman.
Isithombe ngu: SANDILE MAKHOBA
SANDILE MAKHOBA
KUBATSHAZWE imisebenzi emihle ayishiyile usomabhizinisi waKwaMashu, uMnuz Wiseman Cele, enkonzweni yokumkhumbula, waqhakambisa usizo alutshale kubantu bakwaMashu, ekubalekeleleni babe ngosomabhizinisi.
Le nkonzo ebiyenzelwe kwenye yezindawo zakhe ezidumile iWiseman car wash KwaMashu.
Izikhulumi bezivumelana ngazwi linye bezitusa usizo abaluthole kuWiseman.
Okumangaze kakhulu inkulumo kaNhlonipho Mkhize, onendawo encintisana neyakhe uWiseman ebizwa ngeRooftop ekwa-D KwaMashu, kuvele ukuthi uWiseman wabamba iqhaza elikhulu lokuthi ibe khona.
UMkhize uveze ukuthi indawo wayithengiswa uyena uWiseman ngestokofela, nokungajwayelekile ukuthi umuntu alekelele omunye ukwenza ibhizinisi aqhudelana nalo, waveza ukuthi inhloso kaWiseman bekuwukuthuthukisa indawo yaKwaMashu nokukhulisa umnotho kuleli lokishi.
“Ngisebenze kuWiseman isikhathi eside, ngithe sengithole umsebenzi owawungigqokisa amasudi, wangibuyisa uMlungu (Wiseman) wathi angibuye kuyaphileka ngapha,” kusho uNhlonipho.
Uqhube wathi kulaphoke uWiseman amgqugquzela ukuthi athenge le ndawo yebhizinisi.
UPhumzile Cele ubonge kakhulu ubaba wakhe ngokumufundisa ibhizinisi.
“Uthe esegula ngazibuza ukuthi kambe yini ubaba engingakamubuzi yona, kwafika ukuthi ungifundise konke, “ kusho uPhumzile.
UWiseman ushiye emhlabeni izingane zamantombazane ezintathu.
Umgcwabo uzokuba ngoMgqibelo eZingolweni ekhaya kwaCele, kucelwe abantu ukuba bagcine isikhathi ukuze izinhlelo zomndeni zingaphazamiseki , umgcwabo uzoqala ngehora lesi-9 ekuseni.
