Uncategorised

KULIMALE ABANE KUBHIDLIKA ISAKHIWO ETHEKWINI

IBHILIDI leli eliwile kwalimala abantu abane.

AMATHIMBA EZINHLEKELELE ahlukahlukene asendaweni yesigameko edolobheni eThekwini. IZITHOMBE: KZNCOGTA

NOMCEBO NGEMA

AMATHIMBA ezinhlekelele ahlukahlukene athunyelwe endaweni yesigameko edolobheni eThekwini, e-Union Lane lapho kubhidlike khona ibhilidi namuhla ngezithuba zehora le-11 ekuseni, kwalimala abantu abane.
Lezi zindaba ziqinisekiswe uMnyango weZokubusa Ngokubambisana neZindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.

UMnyango unxusa amalunga omphakathi ukuba angasondeli nhlobo kulendawo, njengoba amathimba ezinhlekelele ekhona eqhubeka nomsebenzi wawo. “Amathimba ezinhlekelele ahlinzeka labo abalimele ngosizo lokuqala futhi asaqhubeka nokubheka ukuthi abekho yini abanye abavalelekile. SiwuMnyango sifisela laba abalimele ukululama okusheshayo,” ngokusho kwalo mnyango.