Uncategorised

KUNCONYWE U-SHINGA NGOKUBEKA EQHULWINI OSONHLALAKAHLE E-KZN

UZAMA Mbutho ongusonhlalakahle wakwa-FAMSA oncoma indima edlalwa umnyango.

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uNksz Mbali Shinga, onconywa ngokubeka eqhulwini osonhlalakahle.
IZITHOMBE: UMUSA MEDIA

NOMCEBO NGEMA

UZAMA Mbutho ongusonhlalakahle wakwa-Family And Marriage Society of South Africa (FAMSA), uncoma uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uNksz Mbali Shinga ngokubahlanganisa bonke babhunge kabanzi ngezingqinamba ababhekane nazo, emsebenzini kanye nakwimiphakathi abayisebenzelayo. Ukhulume kanjena ngoLwesibili ngesikhathi uMnyango ugubha usuku losonhlalakahle obelugujwa umhlaba wonke, e-Olive Convention Centre eThekwini.

Ubonge kakhulu uNgqongqoshe uNksz Shinga ngokubakhombisa uthando nokubakhathalela. “Siyabonga kakhulu kuNgqongqoshe ngokusikhombisa uthando, ukusikhathalela nokwazisa umsebenzi wethu esiwenzayo. Njengoba silapha sizoxoxa, sicebisane siphinde sicijisane ngezingqinamba esibhekana nazo kanye nokuhle okufanele siqhubeke sikwenze emphakathini. Siyalujabulela lolu suku lwethu olugujwa umhlaba wonke lapho kugqakanjiswa igalelo lethu nendima esiyidlalayo emphakathini,” kusho uZama.

Uqhube wathi bona bangena kakhulu kwizinkinga zemindeni, izinkinga zasemshadweni, isezikoleni kubafundi kanye nakothisha. “Siyatholakala emahhovisi ethu eMlazi, iseChatsworth, Ugu nakwi-Lembe,” kuphetha uZama.