
KUQHAKAMBISWE UMLANDO WASE-APPELSBOSCH OCEBILE

KUNGESIKHATHI kuqhubeka inkonzo yokugubha iminyaka eyi-100 isibhedlela i-Appelsbosch. Esithombeni yilowo owayenguNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Sibusiso Ndebele, uNgqongqoshe uMfu Zondi noMeya uCllr Mandla Zondi .

ABAZALWANE bephuma kwindlu yenkonzo, ukufezekisa inkonzo yesikhumbuzo sikaNtombazane Nsele. IZITHOMBE: THULI DLAMINI
AKHONA DLAMINI
KUQHAKAMBISWE ukunotha komlando wase-Appelsbosch eMshwathi, ngesikhathi kubungazwa umlando onothile wakule ndawo, bekuhlanganisa ukwenziwa kwesikhumbuzo sentombazane eyabulawa uyise ngenxa yenkolo, ukugujwa kweminyaka eyi-100 kwakhiwa isibhedlela nokubungazwa kwenyanga yezokuvakasha.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal, uMfundisi uMusa Zondi, uthe umlando wase-Appelsbosch, ugxile okholweni, kwezemfundo nakwezempilo, futhi uyisisekelo sokuthuthukiswa kwezokuvakasha zasemakhaya.
“Silapha e-Appelsbosch okuyimishini endala eyasungulwa i-Church of Sweden Mission ngonyaka ka-1926. Bayiqala ngemuva kwempi yaseSandlwana eyayingo-1879, sebexoshiwe eRockdrift base bayobhaca eMgungundlovu. Kuthe kusenjalo base bacabanga ukwakha lemishini, ngoba inhloso yabo kwakuwukushumayela ivangeli. Bacela imvume emakhosini akule ndawo, eyabavulela izandla yabanika indawo. Baqala ngokwakha isonto, kwalandela isikole i-Coastal College kwagcina isibhedlela,” kubeka uZondi.
Uqhube wathi i-Appelsbosch icebe kakhulu kwezokuvakasha ezenkolo kanye nasemlandweni wamagugu. “Kunephrojekthi ehlongozwayo ukuze kwandiswe amathuba okuheha izivakashi. Nakuba kunjalo le phrojekthi iseyisiphakamiso kuphela, futhi kusadingeka ukuthi kuqalwe ezinqubweni zokuhlolwa, ezemvelo, ukuhlela kanye nokuthola uxhaso,” kuqhuba yena.
