Uncategorised

UMKHWANAZI UGQUGQUZELE ABAHLUKUNYEZWAYO UKUTHI BAPHUMELE OBALA

IMEYA uCllr Sifiso Mkhwanazi ekhuluma ngokubaluleka kokuphumela obala uma uhlukumezeka.

AMALUNGA omphakathi abephume ngobuningi bazo ezothamela lo mcimbi. IZITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

IMEYA kaMasipala waseBaqulusini uCllr Sifiso Mkhwanazi, inxusa abantu ikakhulukazi abesifazane, ukuthi bangabekezeleli ukuhlukunyezwa egameni lothando.
IMeya uMkhwanazi ikusho lokhu ngesikhathi yethula inkulumo, njengoba ibimenywe inhlangano engenzi nzuzo Intokomalo NPO, eVryheid.

IMeya ithi kukancane ukuthi umuntu ahlukunyezwe ngumuntu angamazi.
“Abantu abahlukumeza abanye imvamisa kuba yilabo okumele ngabe bayabavikela. Ngicela umphakathi ukuthi ubambisane nohulumeni ekunqandeni lesi sihlava sokuhlukunyezwa ngokobulili, esibuyisela emumva isizwe esimpisholo,” kuphetha iMeya uMkhwanazi.

Lo mcimbi ubuhanjelwe izikhulumi ezivela ezinhlakeni zikahulumeni ezihlukahlukene okubalwa uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, iMawela NGO, uMnyango wezabaSebenzi, Amaphoyisa, abakwa-IEC, abakwa-SASSA, uMthashana Tvet nabeFundisi bamabandla ahlukahlukene.
Zonke izikhulumi zigcizelele ukubaluleka kokuhlalisana ngothando nokubekezelelana, ukuze kube nokuthula ngaso sonke isikhathi.