Uncategorised

INDIDA UYISE WAMAWELE EHLEHLISA ABEBEMESEKA

UMNUZ Khaya Dlamini onguyise wamawele uthi angeke esaxhumana nabezindaba ngodaba lokulimala kwezingane zakhe. Isithombe: Facebook.

NOMCEBO NGEMA

SISHIYE abantu abaningi bekhexile isenzo, sokucela ukuxegwa kancane azile, uMnuz Khaya Dlamini, onguyise wamawele okade esematheni efuna ubulungiswa ngokulimala kwamawele akhe, akhalakathela emgodini wekheshi, kwathi elomfana lashona, elentombazane lalimala kanzima.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMnuz Dlamini wakhala ngokungabutholi ubulungiswa kulandela ukulimala kanzima kwezingane zakhe ezakhalakathela emgodini wekheshi ebhilidini laseHomii edolobheni eThekwini, okudida abaningi ukuthi wacela ukwesekwa, kwavungama izwe lonke kodwa manje usecela ukuyekwa.
UMnuz Dlamini ukhiphe isitatimende izolo esibhalwe ukuthi bacela ukuyekwa azile.
“umndeni wakwaDlamini udlulisa ukubonga okukhulu kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika ngokuseseka ngesikhathi esinzima kangaka. Sifisa ukunazisa ukuthi lolu daba selusingathwe ngezindlela zomthetho ezisemthethweni, ngakho-ke, umndeni ngeke usazenza izingxoxo noma imihlangano nabezindaba. Sicela ngenhlonipho ukunikezwa ithuba lokuzila kanye nokulungisa izinto eziqondene nomndeni. Siyathobeka kakhulu ngobuntu nozwelo esilutholayo kini nonke. Siyabonga,” kuphetha isitatimende sikaMnuz Dlamini.
Lesi sitatimende sishiye abaningi beshayisana ngamakhanda futhi benemibuzo eminingi kufacebook, ngebhadi uMnuz Dlamini angeke esakwazi ukuyiphendula.
Abantu baphawule kanjena, “uma enazisa ngokwenzakalayo lokho kuzophazamisa ukusetshenzwa kwecala ngokomthetho usection 153, akaphenduli ngisho amakhomenti ethu kukhona into engahambi kahle la, kukhona okushaya amanzi, usatshisiwe ngoba ekugcineni kufanele avikele umndeni wakhe,” kuphawula abantu kuFacebook.