Uncategorised

UNTULI UNXUSA KUKHULEKELWE I-GBV E-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ethwele iSiphambano, njengoba namuhla kukhunjulwa usuku iNkosi uJesu Kristu eyabethelwa ngalo.

ABABHISHOBHI, abefundisi kanye nabazalwane ebebephume ngobuningi babo bezothamela inkonzo yePhasika. IZITHOMBE: KZNOTP

NOMCEBO NGEMA

UHULUMENI waKwaZulu-Natal, unxusa bonke abazalwane abasezinkonzweni zePhasika ukuthi baqinise kumkhuleko, wokukhulekela isihlava esidlangile sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ukusho lokhu ngesikhathi evakashele iDiakonia Council Of Churches eThekwini, kwinkonzo yehora lesihlanu namuhla ekuseni.

UNdunankulu uNtuli uthi kufanele kukhulekelwe udaba lwabantu abasacindezelwe ububhwa.
“Umlayezo wethu njengohulumeni waKwaZulu-Natal, egameni labantu baKwaZulu-Natal l, uthi njengoba sikhumbula usuku lokubethelwa kweNkosi uJesu Krestu, ifela thina sonke ukuze sithethelelwe izono. Sengathi nathi njengebandla singabavikela abantu besifazane nezingane, siphinde sikhumbule ukuthi kunabantu abaningi abasacindezelwe ububhwa. Ngifisa sibambisane sikwazi ukubalekelela kodwa okukhulu kunakho konke ukuthi sidinga ukubumbana njengabantu baKwaZulu-Natal, ngokwenzenjalo senza isimo sibe nozinzo, senza ikusasa lezingane zethu sikwazi ukulilungiselela,” kusho uNdunankulu uNtuli.

Uphinde wakhuthaza abazalwane ukuthi baphume bashumayele ivangeli lobunye nokuvikelwa kwabesifazane nezingane.
Ube esifisela abazalwane bonke iPhasika elihle, eliphephile futhi elinokuthula.