ALICACI IKUSASA NGESITHEMBU SIKAMSELEKU

UHLELO uThando Nesithembu oludlala ngoLwesithathu nangoLwesine kuMzansi Magic. ISITHOMBE: GOOGLE
AKHONA DLAMINI
UBONAKALA ukhungethwe izinkinga umuzi kaMusa Mseleku, kuhlelo lukamabonakude uThando Nesithembu. UMseleku onamakhosikazi amahlanu okunguMaCele, uMaYeni, uMaKhumalo, uMaNgwabe noMaKhwela, kubonakala zithanda ukubhimbela izinto kule sizini.
Izinkinga zikaMseleku ziqale ngesikhathi ethatha uMaKhwela ongunkosikazi wesihlanu ngaphandle kwemvume yamakhosikazi akhe, njengoba ayeshaya phansi ngonyawo engafuni ukulanywa futhi.
Lokho kwabe sekuholela ekutheni athuthe wonke amakhosikazi eMzumbe ekhaya likaMseleku, ayohlala emzini yawo. Umuzi waseMzumbe wavezwa ungasekho esimeni esihle njengoba ungasahlali muntu.
Ngemva kwalokho kwaphuma izindaba zokuthi, uMseleku wakhuluma amagama abuhlungu kunkosikazi wakhe wesithathu uMaKhumalo, wathi unkosikazi wesihlanu umthathiswe ukuthi yena akabatholi abantwana. UMaCele inkosikazi yokuqala, waphinde waveza ukuthi uMaKhumalo waba naye umntwana phambilini ngaphambi kokuba ashade noMseleku.
