Uncategorised

BEKUPHUME NESINEDOLO KOWAMA-AEROBICS WELLNESS

UTHOKOZELWE abaningi umcimbi wokuzivocavoca eThekwini. IZITHOMBE: THABISO MJOKA

NOMCEBO NGEMA

APHUME ngobuningi bawo amalunga omphakathi ka-ward 26, nabeqhamuka kwezinye izindawo ezakheleI idolobha iTheku, ukuzoba ingxenye yomcimbi wokuzivocavoca, obizwa nge-Aerobic Wellness Event.
Lo mcimbi ohlelwe iSouth Beach Young Stars, okuyinhlangano engenzi nzuzo uqale ngohambo usuka e-Ushaka Marine waze waphelela eSouth Beach Amphi Theater, ngenhloso yokukhuthaza abantu ngokubaluleka kokuzivocavoca kanye nokudla ukudla okunempilo.
UNksz Chwaita Songca ongumhleli womcimbi, uthi njengoba sekusemome ukuthi abafundi baqale babhale izivivinyo zabo zokuphela konyaka ezikoleni nasemanyuvesi lo mcimbi bekungowabo wokubaxukuza umqondo ukuze baqale izivivinyo zabo imqondo iphapheme. “Njalo ngalesikhathi sonyaka uma abafundi sebezobhala siyaye siqale thina njengomphakathi sibavivinye ukuze babhale sebenemiqondo ephapheme, nemizimba enempilo. Lapha ku-ward 26 sakhelwe izindawo eziningi ezihlala amatshudenti asemanyuvesi nasemakolishi, yingakho kubalulekile ukuthi iSouth Beach Young Stars ibanakekele ngokubaxukuza imiqondo. Ngabe kukhulu futhi kuningi esikwenzayo inkinga sibhekene nenselelo enkulu siyinhlangano yezinsiza kusebenza, siyazidinga kakhulu izinsiza kusebenza, nendawo yokusebenzela ukuze sikwazi ukusiza lezitshudeni nomphakathi,” kuchaza uNksz Songca.
UNkk Busisiwe Kubheka-Mtolo oneminyaka engama-69 ohlala Ntuzuma, uthi isizathu esimenze wazoba ingxenye yokuzivocavoca yingoba ubenesifo sikashukela nese-BP, osekwenzekile kwaba sezingeni elidingwa umzimba ukuzivocavoca.
Uthi nakuba esewugogo kodwa ubukeka eyitshitshi ngenxa yokuthi uyazivocavoca.
“Ngithanda ukukhuthaza ontanga yami ngokuthi noma behlezi emakhaya kodwa abenze okuthi Le okuzonyakazisa umzimba. Bengenza izingadi, okanye bahambele omunye ogulayo, ngalokho uzisiza wena ngoba unyakazisa igazi. Mina kuleminyaka enginayo angikabuzwa ubuhlungu beqolo, amathambo kanye nezifo eziningi eziphatha thina bantu abadala ngoba ngiyazivocavoca,” kuphetha ugogo Mtolo.
UNokulunga Dladla waseNtuzuma oqhamuka ngaphansi kwenhlangano ebizwa Usesiyenza Project Club, ophinde abe nguNompilo ngaphansi koMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthi kuyasiza kakhulu ukuzivocavoca uma ungumuntu omusha ngoba kwenza ungangenwa izifo kalula ezifana noshukela kanye neBP. Uveze ukuzivocavoca kufanele kwenziwe iwona wonke umuntu ingane, umuntu omusha kanye nomdala ukuze bezoba nemizimba ephilile futhi enempilo.

Kulomcimbi akugcinwanga ngokuzivocavoca kuphela kodwa kuphinde kwaba nedili lomculo, abaculi ebebenandisa kube uSgwili Zuma, iMalini, I Gagamela, uDj Happygal, Sjerere nabanye abaningi. Umphathi wohlelo kungu-Nomaswazi Mokoena “Swazi” odlala indima ka-Dr Zikode ku-Amalanga Awafani adlala njalo phakathi nezinsuku ngo18:30 kuSABC 1.
UMnyango wezeMpilo, uMasipala weTheku, South Beach CPF, ezokuphepha, amakhansela kanye nabanye bebekhona kulomcimbi.