INJABULO UMPHAKATHI UFAKELWA AMANZI OGWINI

UNOMKHOSI Gumede ebonga uMkhandlu Ugu ngokubafakela amanzi. ISITHOMBE: UGU DISTRICT MUNICIPALITY
NOMCEBO NGEMA
AHLULEKE ukuzibamba ngenxa yenjabulo amalunga omphakathi akwaSilwane ngaphansi koMkhandlu Ugu, ngesikhathi efakelwa ompompi bamanzi, obese kuyisikhathi eside bephuza amanzi omfula bewabanga nezinkomo.
UPhili Mbhele ubonge wangcongcoza kuMkhandlu Ugu ngokubafakela amanzi. “Siyabonga kakhulu kuMkhandlu ngosenzele khona. Amanzi ayingxenye yempilo yethu njengoba esebenza ngasosonke isikhathi,” kuchaza uPhili.
UNomkhosi Gumede endaweni yakwaMlenze, esigodini sakwaSilwane, ubonge lo mkhandlu ngokunakekela umphakathi, wathi nezaguga sezizowathola eduze amanzi njengoba bezithwala kanzima uma abazukulu bengekho okuyibona abakwazi ukufinyelela emfuleni. “Abazukulu sebezokwazi ukufika emakhaya ogogo bephekile uma bebuya ezikoleni ngoba amanzi asekhona. Nathi sesizogeza ngamanzi ahlanzekile, siwaphuze siphinde siwashe ngawo. Siyabonga kakhulu lokhu kusenza sibuyelwe ithemba kanye nokuziqhenya,” kusho iNomkhosi.
Lo Mkhandlu ube usuqinisekisa ezinye izindawo kanye nezigodi ezingakafakelwa amanzi ngokuthi azofakwa maduze.
