BEKUPHUNYWE NGOBUNINGI KOWE-ARTICULATE AFRICA

UMCIMBI we-Articulate Africa obubanjelwe eDurban Exhibition Centre. ISITHOMBE: AKHONA DLAMINI
AKHONA DLAMINI
LUBE impumelelo usuku lokuqala lomcimbi we-Articulate Africa okhuza ibuya okwesishagalombili futhi okulindeleke ukuthi uthathe izinsuku ezevile kwezintathu, eDurban Exhibition Centre.
Lo mcimbi uhlelwe uMnyango wezokuNgcebeleka namaPaki uhlose ukuthuthukisa, nokugqamisa imboni yezobuciko namasiko ngaphakathi eThekwini. Uphinde uhlanganise ababhali abamnkantshubomvu, nabasafufusa, abadwebi, osomabhizinisi bokudla kanye nabaculi abaqhamuka emazweni ahlukahlukene ase-Afrika. USihlalo weKomidi loMphakathi neZimo eZiphuthumayo, uZamazulu Sokhabase umukele wonke umuntu obethamele lo mcimbi wacacisa nendima eklanywa i-AA.
“Kule minyaka yasungulwa i-Articulate Africa seyivundulule amathalente abalelwa ku-1250, nedolobha lethu selihlomule ngemali ebalelwa kwizigidi ezingu 15.5. Njengoba iqalile i-AA namuhla sesisebenzisane namaciko ayi-158. Lokhu kuveza ngokusobala ukuthi i-AA yenza kahle kakhulu futhi inesandla ekukhuphukeni komnotho wakuleli,” esho.
Abebethamele lo mcimbi bathole ithuba lokuzibonela ubuciko obuhlukahlukene, baxhumana nabaculi, futhi bagqugquzelwa ngokubaluleka kokufunda izincwadi.
