Izindaba

I-DA IBEKE EQHULWINI UKUBUYISA ABATSHALIMALI KOMASIPALA

USTHEMBISO Ngema ongumholi we-DA eKZN, ngesikhathi evakashele Umusa News ngoLwesibili eThekwini.ISITHOMBE: UMUSA NEWS

OWAMI THABETHE

ISEQHULWINI eyokubuyisa abatshalimali, kumkhankaso wokugqogqa abavoti ukuthi bavotele iqembu lezepolitiki iDemocratic Alliance (DA). Lokhu kuvezwe Isikhulu seDA KwaZulu-Natal uMnuz Sthembiso Ngema, ngesikhathi enenkulumo ekhethekile no-Umusa News ngoLwesibili mhla ziyi-20 kuMfumfu.

UNgema uthe bazimisele ukuqeda inkohlakalo yokuqasha izisebenzi zakaMasipala ngokwenzela kanye nenkohlakalo.

“Umsebenzi womasipala ukuheha abatshalimali, lokho okwenza kwenyuse amathuba emisebenzi. Amathuba emisebenzi asuke evuleleke kuwo wonke umuntu futhi wonke unelungelo elilinganayo ukufaka izicelo, kodwa uthola umuntu osebenza kamasipala egwazisa abantu ngezimali ukuze abafake emsebenzini”, kusho uNgema.

Uthembise ukuthi iqembu lakhe lizolwa nokunikwa abantu amathuba emisebenzi ngendlela elinganayo.

“Akekho umuntu ozoqasha izihlobo zakhe noma abangani bakhe uma sekuphethe iDA, kuzoqashwa ngohlelo olubhekisisa ukuthi ufanele yini ukunikwa lowo msebenzi”, kusho uNgema.

UNgema uphinde wathi okuseqhulwini kwi DA ukubuyisa abatshali zimali edolobheni laseThekwini njengoba ingqalasizinda, nemicimbi emikhulu eyayiheha abatshali zimali nezivakashi ingasekho futhi lokho kwehlise umnotho wedolobha.