Uncategorised

ZIJABULISE ABANINGI IZITHANDANI ZAKWANXUMALO

UMNUZ kanye noNkk Nxumalo ebebeshada ngempelasonto. ISITHOMBE: FACEBOOK

AKHONA DLAMINI

ZIZAKHELE igama nogazi izithandani obekuphithizela amavideo azo ezinkundleni zokuxhumana, ngempelasonto zibopha ifindo lomshado. Ukusabalala komshado kaMnuz Mphakamiseni Nxumalo nesinqandamathe sakhe uNkk Ayanda Mdluli-Nxumalo, lapho kubonakala uMphakamiseni ongumkhwenyana ejabule ngendlela eyisimanga kuchaze abantu abaningi.

Kuma-video uNxumalo ubebonakala egiya ngendlela ehlekisayo, ubesina abuye avumise ingoma, kuholele ekutheni abantu bacabange ukuthi ubedle amanzi amponjwana nokuthi akaphilile ekhanda.
Bezikhulumela emsakazweni izolo kuKhozi FM, kuhlelo olushayelwa uTshatha, uNxumalo uveze ukuthi akulona iqiniso lokhu okucatshangwa abantu yena ubezijabulele njengoba ayekade elufisa lolu suku.

“Ngalahlekelwa umsebenzi ngonyaka ka-2020 ngesikhathi se-Covid 19, uMaMdluli akazange angilahle ngesikhathi sobunzima. Asisebenzi sobabili sinonkosikazi kodwa umshado wethu ukwazile ukuba impumelelo ilokho obekungijabulisa,” kubeka uNxumalo.

Uthi banezingane ezine emshadweni bese kuthi uNxumalo abe nezinye eziyisithupha ngaphandle komshado, okusho ukuthi banezingane eziyishumi uma seziphelele. Abantu ezinkundleni zokuxhumana babe sebehlanganisa okuncane ukuze lezi zithandani zikwazi ukuyongcebeleka zibungaze umshado wazo (honeymoon).