Uncategorised

ININGIZIMU AFRICA IFUNA KUHOLWE KU-TIKTOK

UNGQONGQOSHE uMnuz Solly Malatsi othe amacontent creators akuleli ahole. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuXhumana nobuChwepheshe kuzwelonke uMnuz Solly Malatsi, unxusa inkundla yokuxhumana uTikTok ukuthi ivumele amacontent creators akuleli, ukuthi ahole ngezinto azenzayo ngaphansi kohlelo lwe-TikTok Creator Rewards Programme. Lesi sicelo usenze ngesikhathi kunengqungquthela yeSocial Media eGoli, uthe uhulumeni ufuna ukusebenzisana namanye amazwe ase-Afrika ukuze kuqiniswe izingxoxo nabakwaTikTok.

UMalatsi uthe amacontent creators ase-Afrika akhishwa inyumbazana nakuba enabalandeli abaningi, abamba iqhaza elikhulu kule nkundla yokuxhumana. “Lesi sicelo ngisenza ngoba ngifuna ubulungiswa kwezomnotho, intsha eningi ithembele kwicontent creation ukuze iziphilise. AbakwaTikTok abakaze banikeze isizathu okanye izizathu ezinelisayo ngokungafaki amazwe ase-Afrika kulolu hlelo,” kusho uNgqongqoshe uMalatsiUqhube wathi uMnyango wakhe uzoqhubeka nezingxoxo, kuze kube amacontent creators aseNingizimu Afrika athola amathuba afanayo nalawa atholwa abakwamanye amazwe.