Uncategorised

I-MKP IPHIKA EYOKUXOSHA UWILLIES MCHUNU

I-MKP ithi uMnuz Willies Mchunu usanguyena uSihlalo wesifundazwe waleli qembu. ISITHOMBE: MKP

NOMCEBO NGEMA

IQEMBU lezepolitiki uMkhonto Wesizwe Party (MKP), libabaza amampunge asabalele kwabezindaba athi sebexoshe uSihlalo walo KwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu.

Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba, leli qembu lithi abukho ubuholi obuhlakaziwe kulesi sifundazwe, uMnuz Willies Mchunu usanguyena uSihlalo esifundazweni.
Lithi lokhu kuhlakazwa kwenzeke esifundazweni iMpumalanga kuphela hhayi KwaZulu-Natal.

“Le mibiko eqhelelene neqiniso, ibanga ukudideka okukhulu kubantu futhi idicilela phansi isithunzi seqembu. Sicela abezindaba baqhakambise ukubika kuyiqiniso, ngokuthi baqinisekise kuqala ukuthi umbiko abawushicilelayo uyiwo yini. Kwisithangami sabezindaba sakamuva, i-MKP yethula uhlelo lwe-National Provincial and Regional Elections Machinery, lolu hlelo luhlose ukuqinisa izinhlaka zeqembu njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya,” kusho isitatimende se-MKP.

Kwenzeka lesi sigameko vele leli qembu lisematheni kulandela ukulaxazwa yilunga lalo eliqavile, uDkt Bongani Mncwango obenguNobhala Jikelele walo leli qembu, kodwa manje oseyilunga le-IFP.