Uncategorised

INJABULO KUXHASWA UMSAKAZO WOMPHAKATHI I-HIGHWAY RADIO

IMISHINI yakwanokusho estudio seHighway.

UKENNY Morolong ezodlulisela imishini yesitudiyo. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

IHIGHWAY Radio ixhaswe ngemishini yakwanokusho yestudio yiMedia Development and Diversity Agency (MDDA), kulandela ukuthi uhulumeni egcizelela indima ebalulekile eklanywa yimithombo yabezindaba zomphakathi, ekuqiniseni intando yeningi nobumbano emphakathini ehlukahlukene.

Umcimbi wokunikelwa kwale mishini ubuhanjelwe iPhini likaNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uMnuz Kenny Morolong, abamele i-MDDA, abaholi bendawo kanye namalunga omphakathi.
UMorolong uthi imithombo yabezindaba zomphakathi iyinsika ebalulekile yentando yeningi.
“Iziteshi ezifana neHighway Radio zinikeza imiphakathi ithuba lokuzwakalisa imibono yawo, ziphinde zibambe iqhaza ezindabeni zomphakathi,” kubeka uMorolong.

Uqhube wathi lesi siteshi sesiphenduke izwi elethembekile emiphakathini yamaKrestu eThekwini, ikakhulukazi ePinetown nakwezinye izingxenye zeTheku ngokusakaza izinhlelo zokholo kanye nokubandakanya umphakathi.

Obemele iMDDA uMoipone Malefane, uthi uxhaso luhlanganise imishini yestudio, ukucija abasebenzi ngokuphathwa kwesiteshi nokuqeqeshwa kwezokuphatha.

Lokhu kwenzeka nje lesi siteshi, besisanda kugubha iminyaka engama-30 sisendimeni. Ngale mishini yakwanokusho efikile kulindeleke ukuthi sithuthukise ikhwalithi yokusakaza futhi sandise izinga lokufinyelela kubalaleli.