UKHAWULA UTUSA I-RICHMOND NGOKUNOTHA NGOMLANDO

UNGQONGQOSHE uMnuz Mntomuhle Khawula ethula inkulumo yosuku eRichmond.

ISIPHAHLA Sikalokothwayo okungomama besigekle benandisa ngomculo. IZITHOMBE: PHUMELELE DLAMINI
NOMCEBO NGEMA
UNGQONGQOSHE woMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal uMnuz Mntomuhle Khawula, uthi indawo yaseRichmond inothe kakhulu ngomlando ofuze izimpambano zomgwaqo, izingxenye eziqukethe usizi nomunyu, ingxenye evusa uhlevane kogogo nomkhulu.
Usho lokhu namuhla ngesikhathi isifundazwe saKwaZulu-Natal, sigubha usuku lwezigcina magugu olugujwa umhlaba wonke (International Museum Day), lolu suku luhlanganiswe nokukhunjulwa kweminyaka eyi-120 kwaba nempi kakhandampondo eyaqala khona eRichmond, lo mcimbi ubusenkundleni yezemidlalo eNdaleni, eRichmond.
Isiqubulo sakulonyaka sithi ‘Izigcina Magugu Ezibumbanisa Umhlaba Ohlukene’. UNgqongqoshe uthi kuningi ukwehlukahlukana okuchazwa ilesi siqubulo sakulonyaka okungubuzwe, ibala, ubunjalo babantu, ukuhlala ngokwamazwe ahlukahlukene esiwakhele, ukwehlukana ngokwenkolo, amasiko nezinkolelo, isikompilo njalo njalo.
Uthi Izigcina magugu ziyafana nezemidlalo ngoba ziyabahlanganisa abantu zibenze baqondane kangcono ubunjalo babo.
“Uhulumeni wenu enawukhetha, uthe uma ubheka indawo yokugubha lolu suku, wakhetha indawo yaseRichmond. Indawo yaseRichmond inothe kakhulu ngomlando ofuze izimpambano zomgwaqo. Le ngxenye yomlando iyizilonda esezaphola kodwa kwasala izibazi ezingasoze zashabalala. Ingxenye yalezi zimpambano zemigwaqo esikhuluma ngayo, uhambo lwangonyaka ka-1994, lapho enavota khona okokuqala ngqa nakhetha uhulumeni wentando yeningi. Nakuba lolu khalo lwalufana namanzi adungekile adinga ukubekwa emsamo alindwe kuze kuzike yonke inzika ngaphambi kokuthi aphuzwe. Lezo zibhidi zathatha isikhathi ukuzika, njengoba silapha namuhla siphuza wona lawomanzi acwebileyo futhi amtoti. Imfundo yamahhala yiwo lawo manzi, impesheni eholwa ogogo nomkhulu yiwo lawo manzi, ukuthola usizo lwezempilo mahhala emitholampilo nasezibhedlela yiwo lawo manzi asecwebile kanye nokunye okuningi,” kusho uNgqongqoshe uKhawula.
Uqhube wathi luselude ukhalo olusasele kodwa ithemba liyabuya, njengoba uhulumeni obusa ngokubambisana kwamaqembu ephethe lesi sifundazwe ngesiqubulo esithi Sibuyisa Ithemba Kubantu.
“Lesi siqubulo akusona isiqubulo somlomo nje kuphela kodwa siyasisebenzela ukuthi sifezeke. Isizwe esingawagcini amasiko nesingawavikeli amagugu aso sifana nesizwe esidunguza ebumnyameni. Umlando uyisibuko sobuqiniso bempilo yezikhathi, ngakho kubalulekile ukuthi izigigaba ezenzeka ngezikhathi kugcinwe ngendlela noma kukuhle noma kukubi,” kuphetha uNgqongqoshe uKhawula.
