OLWAMABHAYISEKILI KWANYUSWA LUHEHE ABEMIFUNDAZE

UMBIKO: SANELE DLADLA
LUBONAKALA lugqugquzela ubunye futhi kubeka indawo yaKwaNyuswa kwibalazwe olwamabhayisekili olubizwa ngokuthi iVillage 2 Village Cycle Tour, eyenzeka minyaka yonke ngenyanga yentsha.
Lo mjaho wamabhayisekile obuwenziwe ngoMsombuluko, uhlelwa inhlangano engenzi nzuzo ebizwa ngokuthi Zinakes sons projects kaSifundo Dladla wakhona endaweni.
UMnuz Sfundo Dladla uthi lo mjaho uwubone uthela izithelo ezinhle njengoba kunezingane ezizohlomula ngemifundaze.
“Kulo nyaka umcimbi womjaho wabakhweli bamabhayisikile ahamba ezintabeni nasemahlathini ngingasho kugcwale umlomo ukuthi usubeke le indawo kwibalazwe. Ukuba khona kwabenhlangano yamaBhayisikile ebizwa ngokuthi ACE Trust yaseGauteng kusibonise ukukhula okukhulu. Le nhlangano ezoxhasa ngemifundazwe izingane ezinephupho lokudlala amabhayisikili noma ukushova. Izibophezele ekutheni bazothatha izingane kusukela eminyakeni eyi-12 kuya kweyi-14,” kubeka uMnuz Dladla.
UMnuz Dladla uthi Lokhu kuzokhulisa lo mjaho kuphinde kushintshe izimpilo zabantu abasha endaweni yakhona KwaNyuswa.



