KUNCONYWE IQHAZA LIKA-VZ KWETHULWA ISIKHUNGO

UGUGU Gumede oyindodakazi kaNkk KaMagwaza-Msibi ebonga umsebenzi omuhle owenziwe egameni likamama wakhe.
YISO lesi isikhungo esiqanjwe ngegama loMholi we-NFP uNkk Zanele KaMagwaza-Msibi. IZITHOMBE: KWANDA MAKHOBA
NOMCEBO NGEMA
INDODAKAZI kalowo owayesishoshovu sezepolitiki, elwela amalungelo abantu eNingizimu Afrika uZanele Magwaza Msibi, uGugu Gumede uthi izimfundiso zikanina zisaphila namanje.
UGugu ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni isikhungo esiqanjwe ngonina iVZ Magwaza Msibi Khuseleka One stop, eBluff eThekwini izolo.
Uchaze unina uKaMagwaza-Msibi njengomuntu obenothando kubona, nabantu baKwaZulu-Natal nakuwona wonke umuntu wesifazane.
“Siyabonga ukuthi noma umzimba kamama ulele kobandayo kodwa imsebenzi yakhe isamile namanje futhi iyazikhulumela. Siwumndeni wakwaMagwaza siyabonga kakhulu futhi sinethemba lokuthi umama lapho ekhona naye uyaziqhenya ngomsebenzi omuhle kangaka eniwenze egameni lakhe,” kusho uGugu.
Uthi umama wakhe ubethanda ukusiza wonke umuntu ngale kokubheka ukuthi uyiliphi iqembu.
