Uncategorised

ISTELLIES IFUNA UKUGCINA UHUNT NANGESIZINI EZAYO

UGAVIN Hunt usevumelene neStellenbosch FC ukumgcina kuleliqembu nangesizini ka-2026/27.
ISITHOMBE: News24

IQEMBU leStellenbosch selivumelene nomqeqeshi, uGavin Hunt, ukuthi aqhubeke nokuhlala kuleli qembu nangemuva kokuphela kwesizini ka-2025/2026.
Lo mqeqeshi onamava, osewine izicoco ezine zeligi emsebenzini wakhe wobuqeqeshi, ujoyine iStellies ngoZibandlela wonyaka odlule kulandela ukuhamba kowayengumqeqeshi uSteve Barker, owathuthela eqenjini laseTanzania Simba SC.
UHunt ufike ngesikhathi iqembu laseCape Winelands libhekene nobunzima njengoba belilengelwa yizembe futhi lidinga amaphuzu ukuze lisinde kwiBetway Premiership. Kusuka efikile, ukwazile ukusimamisa iqembu nokuliholela ekuphepheni ezembeni.
Inkontileka yakhe yesikhashana kulindeleke ukuthi iguqulwe ibe eyesikhathi eside, kanti kubikwa ukuthi sekukhona ukuvumelana ngomlomo phakathi kwakhe nabaphathi beqembu. UHunt kubikwa nokuthi ufakiwe ezingxoxweni ezimayelana nokusayiniswa kwabadlali abasha kanye nabangase bakhululwe ngaphambi kwesizini ka-2026/27.
Nakuba iStellenbosch isenalo ithemba elincane lokuqeda kwiTop 8 nokungena emqhudelwaneni weMTN8 ngesizini ezayo, kuzomele eminye imiphumela ihambe ngendlela ebafanele emidlalweni yokugcina yeligi.
Ekhuluma ngemuva kokunqoba kwabo kwakamuva behlula i-Orbit College, uHunt uvumile ukuthi amathuba abo okungena kwiTop 8 awasekho ezandleni zabo ngaphambi komdlalo wokugcina weligi abazowudlala ne Marumo Gallants.
IStellensbosch sizobhekana neMarumo Gallants ngoMgqibelo emdlalweni wokugcina weLigi ngo-15:00 eDr Petrus Molemela Stadium eBloemfontein.