Uncategorised

UMUNYU KWI-NKOSANA KUKHUNJULWA USHABALALA

ZETHU PHOSWA

NAKUBA kuke kwaba khona izingqinamba ezicishe zathikameza umcimbi wokuhlonipha uJoseph Shabalala osadlula emhlabeni, ongumsunguli weBlack Mambazo, ngenxa yeFoundation yakhe ebizama ukuvimba lo mcimbi nokuhoxa kukaKhuzani Mpungose, kodwa kubonakala uba uyimpumelelo futhi uba nesasasa elikhulu kubantu.
Kulo mcimbi obusePlayhouse eThekwini ngoLwesithathu, obekugcwele kusweleke ngisho indawo yokuhlala.
ULebo M uthi konke uhambe kahle kakhulu, abekuzama ukubathiya akubanga namthelela omubi kodwa konke kube okuhle kwaze kwaba ekugcineni.
“Konke uhambe kahle futhi asigcine kulokhu kokuthi konke kuhambe kahle, “ esho.
UNkosinathi Shabalala uthe ubonga akaphezi kuLebo M ngakwenzile kokuhlonipha uyise nokudidiyela izingoma zakhe.
“Okwenzeka lapha kungukufezeka kwephupho lami. ULebo M wenze iphupho lami laphila futhi kwaba nayibhonasi ukuthi adidiyele izingoma zami, “ esho.
UNkosinathi uchaze uyise njengeqhawe futhi abebanothisa ngeziyalo ezingqala.
Uthe ukucula ezinye zezingoma zikayise kumfikisele umunyu kakhulu futhi yohlezi emkhumbula njalo nje.
UShabalala, wadlula emhlabeni ngonyaka wezi-2020, uhlonishwa ngeqhaza lokubumba inqanawe yeqembu lesicathamiya okumanje lizigqaja ngokuhlabana ngama Grammy Award amahlanu. Leli qembu lazifaka ebalazweni lomhlaba ngesikhathi licula ndawonye noPaul Simon kanti selike laqopha nabaculi abadumile njengoDolly Parton, Stevie Wonder nabanye.