KUQOPHEKE UMLANDO KWI-CAPE TOWN MARATHON

UMOHAMMED Esa uqophe umlando omusha emjahweni waseKapa ngesikhathi – 02:04:55
ISITHOMBE: Cape Town Marathon
MALIBONGWE MAZIBUKO
KUQOPHEKE umlando omusha kwezomjaho wamabanga amade e-Afrika ngeSonto ngesikhathi uMohamed Esa wase-Ethiopia enqoba kwiCape Town Marathon ngesikhathi esimangalisayo samahora amabili, imizuzu emine nemizuzwana engu-55 (02:04:55). Ngalokhu uqophe irekhodi elisha kulo mjaho waminyaka yonke.
Umgijimi wase-Ethiopia uYihunilign Adane ungene isibili ngesikhathi esingu-02:04:59, kwathi uKalipus Lomwai waqeda endaweni yesithathu ngesikhathi esingu-02:05:06. Okumangazayo ukuthi abagijimi abathathu abaphume phambili behlukaniswe imizuzwana engu-11 kuphela ngemuva kwamahora angaphezu kwamabili begijima.
Lesi siphetho esishubile sishiye izibukeli zibambe ongezansi ngesikhathi iqembu elihamba phambili lenyusa ijubane kumakhilomitha okugcina omjaho.
Abahleli bomjaho bathe lo mcimbi uyisikhathi esibalulekile, hhayi kuphela kwiCape Town Marathon kodwa nakwezokusubatha e-Afrika yonke. Lezi zikhathi ezisheshayo ziphinde zaqinisa iphupho lomjaho lokuba yiWorld Marathon Major yokuqala e-Afrika.
Izinkulungwane zabalandeli zigcwale emigwaqeni yaseKapa zeseka abasubathi ngesikhathi abagijimi abasezingeni eliphezulu kanye nabavamile bebambe iqhaza komunye wemijaho emikhulu kakhulu ezwenikazi.
Uhlelo lwango-2026 beluvele luzodonsa amehlo omhlaba, kodwa ukusebenza kwangeSonto kulindeleke ukuthi kubeke iCape Town esicongweni kwezomjaho wamabanga amade emhlabeni.
Nakuba imiphumela isalindele ukuqinisekiswa ngokusemthethweni, imigubho ibisivele iqalile njengoba idolobha ligubha lokho abaningi abakubiza ngomzuzu oguqule umlando wezomjaho e-Afrika.
Ngaphansi kwesibhakabhaka esicwebile nezimo ezikahle, iCape Town ilethe umjaho ozohlala ukhunjulwa njengosuku lapho umjaho wemarathon wase-Afrika ufike ezingeni elisha.
