Uncategorised

ABAQULUSI BABEKA EQHULWINI INTUTHUKO YOMPHAKATHI

IMEYA kaMasipala waBaQulusi uCllr Sifiso Mkhwanazi uthi yonke imigwaqo yaBaQulusi izolungiswa. ISITHOMBE: UMUSA MEDIA

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA waBaQulusi uyaqhubeka nokubeka eqhulwini intuthuko yomphakathi, njengoba umatasa ulungisa imigwaqo emine ngaphakathi edolobheni eVryheid.IMeya uCllr Sifiso Mkhwanazi, uthi lokhu kuyisiqalo sokulungisa nokwakha kabusha ingqalasizinda yomgwaqo. “Inhloso yethu ukuthi izakhamuzi zethu ezinezimoto zibe nemigwaqo esesimeni esihle, futhi ephephile kuzona zonke izindawo ezakhele aBaQulusi. Lesi isiqalo ngoba sifuna yonke imigwaqo yaBaQulusi ibe sezingeni,” kuphetha iMeya uMkhwanazi.