Uncategorised

ISIBUSISO SESILO KOWE-IVUKUTHU IBUTHO LEMBUBE

ISILO uMisuzulu kaZwelithini obusise uhlelo lokudodisa abafana, ukuze babe amadoda aqotho.

UMSIZA Masoja uzocija abafana ngobudoda aphinde athuthukise amakhono abo kwezobuciko.

NOMCEBO NGEMA

UMCIMBI iVukuthu iButho LeMbube, wokudodisa abafana ngenhloso yokuthi babe ngamadoda aqotho, ubusiswe yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, njengoba ewuthakasele kakhulu nathi uzolekelela kakhulu ekucijeni abafana abazoba qotho kusasa.

Lo mcimbi uhlelwe iNew Man Rising eholwa uqweqwe lomlingisi uMsiza Masoja wodumo lukaNkunzi kumdlalo Uzalo oba njalo ku-SABC 1 phakathi nezinsuku, uzozimaziswa Indlunkulu KaZulu namaciko emikhakha ehlukahlukene njengoba uzoba kusasa e-Inkosi Albert Convention Centre eThekwini, kusukela ngehora lesi-5 ntambama. UMasoja uthi uxhumanile neSilo uMisuzulu KaZwelithini, sakhombisa ukuluthokozela kakhulu lolu hlelo.

“ISilo uMisuzulu sithe lokhu kuhle kakhulu ngoba ukhona uMkhosi woMhlanga obhekelele kakhulu amantombazanyana asakhula, kodwa kwabesilisa akukho lutho. Ukukhuliswa kahle kwamantombazane kuphela, kwenza ukuthi uma esekhulile engabatholi abesilisa abaqotho njengabo, ngoba abesilisa abaqeqeshekile,” kuphetha uMasoja..