ISHIYE IMIBUZO IFILIMU KAWINNIE MANDELA

IFILIMU kaWinnie Mandela etholakala kwisiteshi Netflix. ISITHOMBE: GOOGLE
AKHONA DLAMINI
KUQUBUKE izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana, ngemuva kokukhishwa ngokusemthethweni kwefilimu kaWinnie Mandela osadlula emhlabeni, esihloko sithi The Trials of Winnie Mandela.
Le filimu ithukuthelise abaningi njengoba iveza isihluku nobunzima obabubhekene nabantu abamnyama ngesikhathi sodlame.
Kubuye kwavuka imibuzo eminingi yokuthi ngabe inkululeko yabakhona noma kwakushaywa abantu ngemfe ephindiwe na?
Le mibuzo iqubuke ngemuva kokuthi uWinnie, eveze ukuthi baningi abathengwa ukuze basetshenziswe ekulutheni abantu ngokuthi sebekhululekile, kuyona le filimu.
Uphinde abonakale ehlambuluke athi naye bazama ukumthenga kodwa unembeza wakhe awuvumanga ukuthengisa ngezwe lakhe.
Abantu bazibuze baziphendula ukuthi loyo owaba uMengameli wokuqala omnyama akathengwanga yini ukuze asetshenziswe?.
