
UNTULI UCELE ISILO SIPHAKE IMPI YOKULWA NE-GBV

ISILO uMisuzulu kaZwelithini. IZITHOMBE: KZNDSAC
AKHONA DLAMINI
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uThamsanqa Ntuli, ucele iSilo uMisuzulu kaZwelithini, ukuthi sisebenzisane nohulumeni ekulweni nesihlava okubonakala sanda ezweni saso sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, iGender Based Violence. Lokhu ukusho ngesikhathi ethula inkulumo eMkhosini weLembe obuseKing Zwelithini Stadium.
“Njengohulumeni wakho sizonxusa ukuthi ubusise futhi uhole impi esiyibiza ngokuthi eyokulwa nechilo. Sicela impi uyiphake ngoba uma ungayiphaki bazophela abesifazane nezingane. Izwe lakho Silo ligcwele igazi labesifazane nezingane. Ichilo lokudlwengulwa kwabo lingcolisa lesi sifundazwe ,”esho.
Unxusa iSilo ukuthi kuzo zonke izinkulumo ezozethula siyiphake lempi. “ Asakhona amadoda ezweni lakho angomnumzane nezinsizwa ezikulungele ukuphakwa nguwe Ngonyama,” kuqhuba uNtuli.
