UMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE UQEQESHA INTSHA NGAMAKHONO OBUCHWEPHESHE

KUSUKELA kwesokunxele uMnuz Simphiwe Mngoma, uNksz Ayanda Msweli noMnuz Bhekisisa Ngcobo, abasebenza ngokubambisana kuhlelo iYouth Digital Media and Film Indaba and Youth Rise Bootcamp. ISITHOMBE: LWAZI MABASO
LWAZI MABASO
UMASIPALA iNkosi Langalibalele ubambisene nenhlangano uMkhambathini Chamber of Commerce and Industry noMnyango obhekelele iZingane, iNtsha nobuChwepheshe, uqale uhlelo lokuqeqesha intsha ngamakhono endaweni yaseMtshezi, okuvele izolo ngesikhathi kunesithangami sabezindaba e-Apex Boutique Hotel, Estcourt.
UNksz Ayanda Msweli ongumphathi kuMnyango wezokuHlela nokuKhula koMnotho kuMasipala Inkosi Langalibalele, uthi kulolu hlelo kuzohlomula intsha eyikhulu nangaphezulu wathi akekho ojikisiwe obefisa ukuba ingxenye yohlelo, nakuba bebehlele izikhala zabantu abasha abayikhulu kuphela. “Lolu hlelo lubizwa nge- Youth Digital Media and Film Indaba and Youth Rise Bootcamp, luqale mhla 29 kuNhlangulana kulonyaka, njengoba abafundi befundiswe ngamakhono obuchwepheshe obuhlukene, okubalwa i-Cybersecurity, ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ngendlela eyakhayo, inzuzo yokuba nomakhalekhukwini kanye nokubi okuza nomakhalekhukwini nokunye okuningi,” kuchaza uNksz Msweli.
Uqhube wathi inhloso yalolu hlelo ukuhlomulisa intsha ukuze ikwazi ukuvula amabhizinisi ayo, nezinhlangano ezizovula amathuba omsebenzi ngobuchwepheshe. “Kusasa mhla zi-3 kuNtulikazi kuzoba nomcimbi wokubungaza lolu hlelo njengoba abafundi bephothule lolu hlelo namuhla. Bamukela izitifiketi ngokuphumelela kwabo ekuqedeni uhlelo njengoba liyizinsuku ezine,” kuqhuba uNksz Msweli.
UMnuz Bhekisisa Ngcobo onguMphathi woMnyango weziNgane naBantu aBasha nezokuXhumana nobuChwepheshe, uthi iyamjabulisa indlela abantu abasha abakhombise ngayo intshisekelo yokuba ingxenye yalolu hlelo. “Ukusebenza nabantu abasha kuyithuba elikhethekile ngoba ngesikhathi ngiqala ukusebenza nabo ngangizitshela ukuthi ezinye izinto abantu abasha abanandaba nazo, kodwa njengoba ngiqhubeka ngisebenza nabo ngiyabona ukuthi kwesinye isikhathi bashawa ukungazethembi. Uthole ukuthi ezinye izinto bayazibalekela ngoba abazethembi kuzo, okungesinye isizathu sokuthi sibe nezinhlelo ezifana nalezi, ukuze babone ukuthi nabo bangakwenza akudingi ukuthi baze babe abohlanga oluthile okanye uye ezikoleni ezinkulu. Udinga ukuthi ucabange ngokuqonda kuphela,” kusho uMnuz Ngcobo.
U-Anelisa Khumalo waseMshayazafe, eMtshezi ongomunye wabantu abasha abayingxenye yalolu hlelo, uthi ngesikhathi ethola leli thuba uzimiselile, njengoba bebengazi kodwa manje sebeyazazi.
